Kuphakeme kunezulu, ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo, ungazini ngakho na?
UJobe 26:6 - IsiZulu 2020 Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, asikho isembozo sendawo yokubhubha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo. Contemporary Zulu Bible 2024 Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, nokubhujiswa akunasimbozo. |
Kuphakeme kunezulu, ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo, ungazini ngakho na?
lokho kungumlilo oqothula kuze kube sekubhujisweni, uyosiphula yonke inzuzo yami.
Uma ngikhuphukela ezulwini, Wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu Wena.
Uyakubenzela yini abafileyo isimangaliso na? Izithunzi ziyovuka yini zikubonge na? Sela
Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaSimakade; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu na?
Indawo yabafileyo phansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze uma ufika kuyo, ikuvusele izithunzi zazo zonke izikhulu zomhlaba, isukumise wonke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.
uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.
Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.
Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.
Sinenkosi esibusayo, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHebheru kungu-Abhadoni, kodwa ngesiGriki ingu-Apholiyoni.