UJobe 26:3 - IsiZulu 2020 Umeluleke kanjani ongahlakaniphile na? Wamnika izeluleko ezinhle kangakanani ongenakuqonda na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umlulekile kanjani ongenakuhlakanipha! Umemezile kangakanani ukuqonda! Contemporary Zulu Bible 2024 Wameluleka kanjani ongenakuhlakanipha na? Uyimemezele kanjani into ngobuningi njengoba injalo na? |
Kepha nami nginengqondo njengani, aningedluli ngalutho. Ngubani ongazazi izinto ezinjengalezi na?
Kepha nina buyani manje ngothi lwenu, nokho angiyukumthola ohlakaniphileyo phakathi kwenu.
Usizwe ngubani ukuba usho lawo mazwi? Uwafunzwe ngubani uze ukhulume kanjena na?
Amazwi ami aveza ubuqotho benhliziyo yami, lokho izindebe zami ezikwaziyo, zikukhuluma ngeqiniso.
Angizange futhi ngikugweme ukunitshela lokho okuwusizo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.
Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.