Umhlaba wawungenasimo, ungenalutho, ubumnyama busibekele utwa. UMoya kaNkulunkulu wawuvunguza phezu kwamanzi.
UJobe 26:13 - IsiZulu 2020 Ngomoya wakhe amazulu ayakhazimuliswa; isandla sakhe sabhokoda inkanyamba eshwibekayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuphefumula kwakhe izulu liyakhazimula; isandla sakhe sigwazile inyoka esheshayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngomoya wakhe wahlobisa amazulu; isandla sakhe sakha inyoka eyisigwegwe. |
Umhlaba wawungenasimo, ungenalutho, ubumnyama busibekele utwa. UMoya kaNkulunkulu wawuvunguza phezu kwamanzi.
Ngalolo lusuku uSimakade uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya, elukhuni nemandla. ULeviyathani yinkanyamba esheshayo, futhi ethandelayo, uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.
Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.