“Inqobo nje uma umhlaba usekhona, kuyotshalwa kuvunwe, kube makhaza kushise, kube yihlobo nobusika, imini nobusuku, lokhu akuyukunqamuka.”
UJobe 26:10 - IsiZulu 2020 Udweba isiyingelezi phezu kwamanzi, sibe ngumngcele phakathi kokukhanya nobumnyama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi, kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni. Contemporary Zulu Bible 2024 Wahaqa amanzi ngemingcele, kwaze kwaphela imini nobusuku. |
“Inqobo nje uma umhlaba usekhona, kuyotshalwa kuvunwe, kube makhaza kushise, kube yihlobo nobusika, imini nobusuku, lokhu akuyukunqamuka.”
“Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya, nobumnyama na? iphi indawo yabo,
Iphi indlela eya lapho ukukhanya kuhlakazwa khona, nalapho umoya wasempumalanga uhlakazekela khona emhlabeni na?
Uqoqela ndawonye amanzi olwandle kube sengathi asembizeni, utwa uluqoqela ezinqolobaneni.
Ngesikhathi ehlela amazulu ngangikhona; nalapho edweba isiyingi ezinzulwini otweni.
lapho emisela ulwandle umkhawulo, ukuze amanzi angeqi umyalo wakhe; lapho emisa izisekelo zomhlaba,
Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.