UJobe 25:2 - IsiZulu 2020 “Ukubusa nokwesabeka kukuye, nguye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ukubusa nokwesabeka kukuye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukubusa nokwesaba kukuye, wenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo. |
Kanti siyini isabelo ebesiyakuvela kuNkulunkulu kweliphezulu, nefa ebeliyakuphuma kuSomandla ekuphakameni na?
“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kodwa akukho muntu ambukela phansi, mkhulu emandleni okuqonda.
USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.
Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.
Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.
Ngizodala izithelo zezindebe zomlomo, ngithi: ukuthula, ukuthula kuye okude, nakuye oseduze,” kusho uSimakade; “ngiyakumphilisa.”
UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.
ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’
nokuba ngayo abuyisane nakho konke, esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini.
Kuye uNkulunkulu munye, uMsindisi wethu ngaye uJesu Khristu iNkosi yethu, makube udumo, nobukhosi, namandla, negunya, kusukela zingakabi bikho izikhathi, namanje, kuze kube phakade. Amen.
base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, nasolakeni lweWundlu,