UJobe 24:4 - IsiZulu 2020 Basusa abantulayo emgwaqweni, bonke abampofu bomhlaba bayacasha ndawonye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bafuzula abaswelayo endleleni; abampofu bomhlaba bacasha ndawonye. Contemporary Zulu Bible 2024 Baphambukisa abampofu endleleni; abampofu bomhlaba bacasha kanyekanye. |
Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zinzima na? Umphefumulo wami awubahawukelanga yini abampofu na?
“Uma ngigodlele ompofu lokho akufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,
uma ngibona obhubhayo ngenxa yokweswela isembatho, noma ontulayo engenakho okokwembatha,
Kungoba wayengakhumbuli ukwenza umusa, kodwa ezingela umuntu owentulayo, ompofu nodabukileyo enhliziyweni, ukuba ababulale.
Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.
Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.
Lapho izikhohlakali zivuka abantu bayacasha, kepha ngokubhubha kwazo abalungileyo bayanda.
Isizukulwane esimazinyo ayizinkemba, namazinyo emihlathi yaso ayimimese yokuqeda abampofu emhlabeni, nabasweleyo kubantu.
ukuhlanekezela ubulungiswa kwabantulayo, nokuqola abantu bami abampofu amalungelo abo, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, nezintandane zibe yisisulu sabo.
icindezela abampofu nabantulayo, iphanga nokuphanga, ingasibuyisi isibambiso, iphakamisela amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso,
Uyise, ngokuba yena waba yiqola, waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungalungile phakathi kwabantu bakubo; uyakufa ngenxa yokona kwakhe.
Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, babaphathe kabi abampofu nabantulayo, babacindezele abafokazi ngokungenabulungiswa.
Bagxobagxoba amakhanda abampofu othulini lomhlabathi, bachezukisa abathobekileyo endleleni; indodana noyise baya entombini, kanjalo-ke balihlambalaze iGama lami elingcwele.
Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”