UJobe 24:23 - IsiZulu 2020 Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Noma ephiwa ukuba alondeke, aphumule kukho; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo. |
Ngokuba uyabazi abantu bamanga, lapho ebona inkohlakalo, akayukuyinaka yini na?
Amathende abaphangi anokuthula, abachukuluza uNkulunkulu balondekile, labo abaletha onkulunkulu babo ngezandla zabo.
Izindlela zaso zethembekile izikhathi zonke; izehlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwaso; zonke izitha zaso uyazidelela.
Ngigcina iziyalezo zakho nemiyalo yakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.
Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaSimakade; uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.
Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.
Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.
Wozani, yikhona ngizoletha iwayini, sizozigcingca ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.
USimakade uzifunge Yena ngenxa yokuziqhenya kukaJakobe, wathi: “Impela angiyukuzikhohlwa nanini izenzo zabo.
Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.
Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?
Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe,
Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.
Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.