UJobe 24:19 - IsiZulu 2020 Isomiso nokushisa kuyawomisa amanzi eqhwa; yenza kanjalo-ke nendawo yabafileyo kulabo abonileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukoma nokushisa kuyaqeda amanzi eqhwa; kanjalo indawo yabafileyo labo abonileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukoma nokushisa kuyawaqeda amanzi aneqhwa, kanjalo neHayidese labo abonileyo. |
Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.
Njengokuphephuka komusi, nokuncibilika kwengcina phambi komlilo, bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu.
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’
“Wayesefa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wayiswa esifubeni sika-Abhrahama. Safa nesicebi, sangcwatshwa.