“Kukhona abamelene nokukhanya, abangazibandakanyi nezindlela zakho, abanganamatheli emikhondweni yakho.
UJobe 24:16 - IsiZulu 2020 Ngobumnyama bagqekeza imizi, emini bazivalele, abakwazi ukukhanya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bafohla izindlu sekumnyama; emini bayazivalela; ukukhanya abakwazi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ebumnyameni bagebha izindlu abaziphawulela bona emini; kabakwazi ukukhanya. |
“Kukhona abamelene nokukhanya, abangazibandakanyi nezindlela zakho, abanganamatheli emikhondweni yakho.
“Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuwetshatha umthwalo ehlombe kusihlwa, sihambe. Bayakugebhula ugange ukuze kukhishwe khona umthwalo; siyokwemboza ubuso baso, ukuba singaliboni izwe ngamehlo aso.
Kepha yazini lokhu ukuthi, ukuba umninindlu ubazi ukuthi isela liyakugasela nini ebusuku, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe igqekezwe.
“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inokoniwa khona yinundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.
Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi, uyakuzonda ukukhanya; akezi ekukhunyeni, funa imisebenzi yakhe idaluleke.