Ngangihlezi kahle, wangiphihliza, ungibambe ngentamo, wangiphahlaza, ungimise ngaba yinkololo yakhe.
UJobe 23:16 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu uyidangalisile inhliziyo yami. uSomandla ungethusile, IBHAYIBHELI ELINGCWELE NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami, uSomandla ungethusile, Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba uNkulunkulu uyayithambisa inhliziyo yami, futhi uSomandla uyangithukuthelisa. |
Ngangihlezi kahle, wangiphihliza, ungibambe ngentamo, wangiphahlaza, ungimise ngaba yinkololo yakhe.
Ngakho-ke ngiyamesaba nxa ngiphambi kwakhe, uma ngicabanga ngaye ngiba nengebhe ngaye.
“Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami;
Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.
Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.
Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”
Izinhliziyo zenu mazingadangali, ningayesabi imibiko eniyizwa ezweni; lapho ngalo nyaka kufika umbiko othile, kuthi ngolandelayo kufike omunye umbiko; kube nobudlova ezweni, umbusi avukele umbusi.
Maye ngalolo lusuku! Ngokuba usuku lukaSimakade lusondele. Luyakufika luyimbubhiso evela kuSomandla.
athi kubo: ‘Yizwa, Israyeli! Namuhla nisondela empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningabi natwetwe phambi kwazo.
Wabaphendula wathi: “Ningangibizi ngoNawomi; ngibizeni ngoMara, ngokuba uSomandla ungenzele okubi.