UJobe 23:14 - IsiZulu 2020 Uyakukufeza lokho angiqokele khona; nokunye okuningi okusemqondweni wakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakufeza engikumiselweyo; izinto eziningi ezinjalo zikuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba wenza lokho okumiselwe mina, lezinengi ezinjalo zikhona kuye. |
“Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.
Ngakho-ke ngiyamesaba nxa ngiphambi kwakhe, uma ngicabanga ngaye ngiba nengebhe ngaye.
Indlela yakho yayisolwandle, imendo yakho isemanzini amaningi, kodwa amanyathelo akho awabonakalanga.
Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama, ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.
Iphimbo likaSimakade limemeza umuzi. Igama lakho liyakubona impumelelo. Lalela sizwe kanye nalowo osiqokileyo.
Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!
ukuze kungabi bikho muntu ozanyazanyiswa yilezo zinhlupheko, ngokuba niyazi ukuthi siqokelwe lokho.
ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka, kodwa ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Khristu,
netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa. Bayakhubeka ngokuba bengalilaleli izwi okuyikhona abakumiselweyo.