futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
UJobe 23:10 - IsiZulu 2020 “Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uyayazi indlela engihamba ngayo; uma engilinga, ngiyophuma njengegolide. |
futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.
“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.” UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.
noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?
Olungileyo ubengaphikisana naye, mina ngikhululwe kumehluleli wami ingunaphakade.
ngakwesokhohlo, lapho ezifihle khona, angimboni; ujikela ngakwesokunene, kepha angimboni.
mangilinganiswe esilinganisweni esilungileyo, ukuze uNkulunkulu abuvume ubuqotho bami.
Ake niphenduke, kungabi bikho owenza ukungalungi. Phendukani, indaba yami ilungile.
Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.
Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.
Ngokuba Wena, Nkulunkulu, usivivinyile, wasihlanza njengalokhu kuhlanzwa isiliva.
Makuphele ukonakala kwababi, kodwa simamisa abalungileyo, wena ohlolisisa izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.
Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.
Kepha Wena Simakade uyangazi, futhi uyangibona, uhlola inhliziyo yami ukuthi injani kuwe. Bahudule njengezimvu ziyokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.
Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”
UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.
kodwa uma umsebenzi wakhe usha, uyakulahlekelwa yiwo, kepha yena luqobo uyakusindiswa; kuyakuba sengathi uphunyuke emlilweni.
Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.
Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”
Ngokukholwa, u-Abhrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayemukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,
Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.
ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,