UJobe 22:9 - IsiZulu 2020 Uxoshe abafelokazi bengenalutho, wafihliza izingalo zezintandane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umukisile abafelokazi bengenalutho; izingalo zezintandane zaphuliwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Abafelokazi wabamukisa bengenalutho, nezingalo zezintandane zaphulwa. |
uma ngiphakamisele intandane isandla ngoba ngibona ukuthi nginabalandeli esangweni,
Nqamula imisipha yengalo yesonakali, ujezise ababi ngenkohlakalo yabo, iphele ingabe isaphushwa nakuphushwa!
Fundani ukwenza okuhle, nifune ubulungiswa, nimelane nabacindezeli, nivikele izintandane, nimele abafelokazi.
Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.
ukuhlanekezela ubulungiswa kwabantulayo, nokuqola abantu bami abampofu amalungelo abo, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, nezintandane zibe yisisulu sabo.
Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.
Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Uyabona-ke, ngimelene noFaro, inkosi yaseGibhithe; ngiyakuzephula izingalo zakhe, eqinileyo neyephukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe.
“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nenze imikhuleko emide nizenzisa! Ngakho-ke niyakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu.
“ ‘Makaqalekiswe ohlanekezela isehlulelo kongumfokazi, intandane, nongumfelokazi.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’