“Uma ngigodlele ompofu lokho akufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,
UJobe 22:7 - IsiZulu 2020 Awumphuzisanga amanzi okhatheleyo, awumnikanga ukudla olambileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Awumphuzisanga owomileyo amanzi, wamgodlela olambileyo ukudla. Contemporary Zulu Bible 2024 Okhatheleyo awumnikanga amanzi okuphuza, nabalambileyo ubagodle isinkwa. |
“Uma ngigodlele ompofu lokho akufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,
Uma abendlu yami bethi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama etafuleni likaJobe na?’
Ubapha ngesihle abantulayo, ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade, amandla akhe ayophakama ngodumo.
unike olambileyo ukudla kwakho, usuthise othotshisiweyo; khona ukukhanya kwakho kuyovela ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kufane nemini.
Akusikho yini ukwabelana nabalambileyo isinkwa sakho, ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, lapho ubona ohambaze umembathise, nokungazifihli ezihlotsheni zakho na?
ingacindezeli muntu, ingasamukeli isibambiso, ingaphangi nokuphanga, kodwa ipha abampofu isinkwa sayo, yembathisa abanqunu,
engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha epha abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu,
Kepha-ke: “Uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho, uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”