Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 22:22 - IsiZulu 2020

Ake wemukele imfundiso ephuma emlonyeni wakhe, ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Mawamukele umthetho emlonyeni wakhe, ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Yamukela umthetho ophuma emlonyeni wakhe, ugcine amazwi akhe enhliziyweni yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 22:22
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.


Lokho bekuyoba yinduduzo kimi, bengiyojabuliswa yizinhlungu ezingapheliyo, ngokuba angiwagodlanga amazwi oNgcwele.


Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Makungasuki emehlweni akho, ukugcine ekujuleni kwenhliziyo yakho,


wangifundisa, wathi, kimi: “Inhliziyo yakho mayibambelele emazwini ami, ugcine imiyalelo yami, uphile.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi, nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Simakade Nkulunkulu Wamabandla.


Wabuye wathi kimi: “Ndodana yomuntu, wonke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe, afake enhliziyweni yakho, uwezwe ngezindlebe zakho.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”


Kepha uMariya wawalonda wonke lawo mazwi, ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.