UJobe 22:2 - IsiZulu 2020 “Umuntu angaba yini wusizo kuNkulunkulu na? Ohlakaniphe kakhulu angaba wusizo yini kuye na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Umuntu angaba yinsizakalo kuNkulunkulu ukuba ohlakaniphileyo abe nosizo kuye na? Contemporary Zulu Bible 2024 Umuntu angaba lusizo kuNkulunkulu, njengoba ohlakaniphileyo engaba usizo kuye? |
Kuyintokozo yini kuSomandla uma ulungile? Kunomvuzo yini kuye uma wenza izindlela zakho zibe msulwa na?
Uma iso lakho lesokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
Kanjalo nani, uma senikwenzile konke enikuyalelweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho, ngokuba sikwenzile lokho obekufanele ukuba sikwenze.’ ”
futhi akakhonzwa ngezandla zabantu, kube sengathi udinga utho oluthile. NguYena obapha ukuphila nokuphefumula nakho konke.
ugcine imiyalo kaSimakade nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo lusuku ukuba kube kuhle kuwe.