UJobe 21:26 - IsiZulu 2020 Bayolala phansi othulini kanyekanye, izimpethu zibemboze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Balala phansi othulini kanyekanye; izimpethu ziyabasibekela. Contemporary Zulu Bible 2024 Bazakulala othulini, izimpethu zibasibekele. |
Lapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbona uNkulunkulu ngingokhululekile emzimbeni.
Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu, namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.
Isibeletho siyabakhohlwa, basobozelwe yizimpethu, abasayukukhunjulwa, ukungalungi kwephulwa njengesihlahla.
Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.
Isiphetho sabo bonke siyefana: abalungile nabangalungile, abahle nababi, abahlanzekile nabangcolile, abethula imihlatshelo nabangayethuli. Njengoba enjalo umuntu olungileyo, sinjalo nesoni; nanjengoba enjalo ofungayo, unjalo nobalekela isifungo.
Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.
Ukuphakama kwakho sekwehliselwe endaweni yabafileyo, kanjalo nomsindo wezingubhu zenu; izimpethu zendlaliwe phansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela.