UJobe 21:22 - IsiZulu 2020 Ukhona yini ongafundisa uNkulunkulu ukwazi, Yena owehlulela abaphakemeyo na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi, yena owahlulela abaphakemeyo, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ingabe ukhona ozofundisa uNkulunkulu ulwazi? kuyilapho Yena ehlulela labo abaphakemeyo. |
Zinandabani nabendlu yazo uma sezingasekho, lapho umumo wezinyanga zazo usunqunyiwe na?
Thina nezilwane zomhlaba usifundisa okuningi, asenze sihlakaniphe kakhulu kunezinyoni ezindiza emkhathini.’
Ngubani ombekele indlela azohamba ngayo na? Ngubani ongathi: ‘Wenze okungalungile’ na?
“Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”
Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.
“Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’
Ngokuba ngubani owake wema emkhandlwini kaSimakade ukuba abone, ezwe izwi lakhe na? Ngubani olizwile izwi lakhe, waligcina na?
Ngokuba: “Ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”
Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi, ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKhristu.
Anazi yini ukuthi siyakwehlulela ngisho nezingilosi na? Kangakanani-ke amacala alokhu kuphila na?
Uma ngempela uNkulunkulu engazange aziyeke izingelosi ezona, kodwa wazilahla kwalasha, emigodini yesigayegaye sobumnyama, ziboshwe ngamaketango, ukuze zigcinwe lapho futhi zilethwe ekwehlulelweni,
Nezingelosi ezingayigcinanga indawo yazo yokubusa, kepha ezayishiya indawo yazo yokuhlala; uzigcine ziboshwe ngezinsinga ingunaphakade, ebumnyameni obuphakade, ukuze zehlulelwe ngosuku olukhulu.