UJobe 21:13 - IsiZulu 2020 Ziphetha imihla yazo ngokuhle, zehlela endaweni yabafileyo ngokuthula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baqeda imihla yabo ngokuhle, behlela endaweni yabafileyo ngokuthula. Contemporary Zulu Bible 2024 Bachitha izinsuku zabo engcebweni, behlela endaweni yabafileyo ngokuphazima kweso. |
Yizo ezahlwithwa kungakabi yisikhathi, ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,
Isomiso nokushisa kuyawomisa amanzi eqhwa; yenza kanjalo-ke nendawo yabafileyo kulabo abonileyo.
Bayaphakanyiswa okwesikhashana, babuye bashabalale; bayabuna, banqunywe njengamazimba.
Uma belalela, bamkhonze, imihla yabo iyophetha ngempumelelo neminyaka yabo, bethokozile.
Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Kweza malungana neGibheya amadoda ayizi-10 000 ayekhethwe kuwo wonke u-Israyeli. Impi yayinzima kakhulu, kodwa abakwaBhenjamini babengaboni ukuthi ingakanani inhlekelele eyayizobehlela.