UJowabe wayesethi: “Anginakulibala ngenxa yakho.” Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Absalomu enhliziyweni, esaphila ephakathi kwe-okhi.
UJobe 20:25 - IsiZulu 2020 Uwubhoncula uphume ngasemhlane, awubone ubengezela igazi lakhe, maqede akhungathwe yingebhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe; nxa uphuma unyampuza enyongweni, abesehlelwa yingebhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Iyakhishwa futhi iphume emzimbeni; yebo, inkemba ebenyezelayo iphuma enyongweni yakhe; uvalo luphezu kwakhe. |
UJowabe wayesethi: “Anginakulibala ngenxa yakho.” Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Absalomu enhliziyweni, esaphila ephakathi kwe-okhi.
Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe, uyothi esahlezi enethezekile, kutheleke umphangi.
Abacibishelayo bakhe bangihaqile, uqhekeze izinso ngokungenaluzwelo, inyongo yami uyichithe emhlabathini.
Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.
Uma umuntu engaphenduki, uyolola inkemba yakhe, uwukhokhile umnsalo wakhe, wama ngomumo,
Kusukela ebusheni bami ngihluphekile, ngaba ngofayo, ngathwala ukwesabeka kwakho, ngaphela.
Ngakho-ke njengalokhu sazi ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu, siyabancenga abantu. Kepha thina sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu, sibonakalisiwe.
Uma ngilola inkemba yami ebengezelayo, isandla sami sibambelele ekwehluleleni, ngiyophenduka ngiphindisele kwabamelene nami, ngiphindisele kwabangizondayo.’ ”