USimakade wathumela kuye amaviyo amaKhaledi, awama-Aramu, awakwaMowabi nawakwa-Amoni, wawathumela ukuba ambhubhise uJuda njengezwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo wezinceku zakhe, abaphrofethi.
UJobe 20:22 - IsiZulu 2020 Kuyothi kusamhambela kahle, ehlelwe yizinhlupheko; izandla zabo bonke abahluphekayo ziyakuza kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa; izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela. Contemporary Zulu Bible 2024 Ekusutheni kokwanela kwakhe uyacindezeleka; zonke izandla zababi ziyakufika phezu kwakhe. |
USimakade wathumela kuye amaviyo amaKhaledi, awama-Aramu, awakwaMowabi nawakwa-Amoni, wawathumela ukuba ambhubhise uJuda njengezwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo wezinceku zakhe, abaphrofethi.
ngesikhathi kufika amaShebha akuthumba, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”
Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “AmaKhaledi enze amaviyo amathathu, ahlasela, athumba amakameli, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”
UNkulunkulu unginikele kubantu abonakeleyo, ungiphonse esandleni sezikhohlakali.
UNkulunkulu uyakugcwalisa isisu sakhe ngezinhlupheko, anise ukuvutha kwentukuthelo yakhe phezu kwakhe.
Lapho izikhohlakali zingasakwazi ukuhlupha, nalapho abakhathele besekuphumuleni.
Isivuno sabo sidliwa ngabalambileyo, basikhipha ngisho emeveni, nabanxaniwe balangazelela ingcebo yabo.
Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela
Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.
kube ngangalokho elizidumise latamasa ngakho, ligidlabezeni ngokuhlupheka nokulila. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihleli ngiyindlovukazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngakubona ukulila.’