UJobe 20:2 - IsiZulu 2020 “Imicabango yami engihluphayo ingenza ngishe amashushu ngokukuphendula, ngenxa yokuba ngikhathazeke kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngalokho imicabango yami iyangiphendula ngenxa yokushesha okuphakathi kwami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho imicabango yami iyangiphendula, ngakho ngiyaphangisa. |
Sengizizwile izinsolo zakho ezingithunazayo, kodwa manje umoya wami wokuqonda ungenza ngiphendule.
“Uma umuntu ezama ukukhuluma nawe, uzokhathazeka yini na? Ngubani ongazibamba angasho lutho na?
Ngenxa yovalo mina ngithe: “Ngixoshiwe phambi kwamehlo akho.” Kepha ukuzwile ukunxusa kwami ngesikhathi ngikhala kuwe.
Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.
Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.
Yabuyela enkosini ngokushesha, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe, khona manje ngomcengezi, ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.”
Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banayo intshisekelo kaNkulunkulu, kodwa engasuki ekwazini,
Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.