Ngokuba ubhala izinto ezibuhlungu ngami, ungijezisela iziphambeko zasebusheni bami.
UJobe 20:11 - IsiZulu 2020 Amathambo akhe ayogcwala ugqozi lobusha, kodwa ayolala othulini kanye naye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amathambo akhe agcwele ubusha, kepha buyakulala phansi kanye naye othulini. Contemporary Zulu Bible 2024 Amathambo akhe agcwele isono sobusha bakhe, esizolala naye othulini. |
Ngokuba ubhala izinto ezibuhlungu ngami, ungijezisela iziphambeko zasebusheni bami.
Ngabe liyokwehlela ezinsikeni zendawo yabafileyo, sehle kanyekanye, siyophumula othulini na?”
Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami, ngisinde ngokulambisa kuphela.
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade!
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
“ ‘Ekungcoleni kwakho ngenxa yobufebe ngakuhlambulula, kodwa awuhlambulukanga ekungcoleni kwakho, ngeke uphinde uhlanzeke ngize ngilwanelise ulaka lwami, ngimelene nawe.
Abalali yini namabutho angasokile asebulewe, ehlela endaweni yabafileyo nezikhali zawo zempi, nezinkemba zawo ezabekwa phansi kwamakhanda awo na? Isijeziso sokona kwawo sasisemathanjeni awo, nakuba ukwesatshwa kwamabutho kwakusezweni labaphilayo.
Ngakho-ke wabuye wathi kubo: “Ngiyamuka Mina, niyakungifuna, kodwa niyakufela ezonweni zenu. Lapho ngiya khona Mina, anikwazi nina ukuza khona.”
Ngakho-ke ngithe kini niyakufela ezonweni zenu, ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.”
ukuba athathe indawo kulo msebenzi nobuphostoli obulaxazwe nguJuda, waya endaweni yakhe.”