Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 2:13 - IsiZulu 2020

Bahlala naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, bengasho lutho kuye, ngokuba babona ukuthi wayesebuhlungwini obukhulu kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bahlala phansi naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akukhulumanga muntu kuye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bahlala phansi naye izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akwabakho owakhuluma naye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 2:13
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wakubiza ukukhanya ngokuthi yimini, ubumnyama wabubiza ngokuthi wubusuku. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lokuqala.


UNkulunkulu wawuqamba umkhathi ngokuthi yisibhakabhaka. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesibili.


Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.


Ngikuzwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nesembatho sami, ngazihluthula izinwele ekhanda nasesilevini, ngahlala phansi, ngimangele.


Ngathi ukuba ngizwe lezo zindaba, ngahlala phansi, ngakhala, ngazila izinsuku eziningi, ngizile ukudla ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Emveni kwalokho uJobe wakhuluma; waqalekisa usuku lwakhe.


“Uma umuntu ezama ukukhuluma nawe, uzokhathazeka yini na? Ngubani ongazibamba angasho lutho na?


Uzibambile izinkophe zami, amehlo ami awavaleki. Ngikhathazekile, akusakhulumeki.


Amasango alo ayokhala, alile; liyakuba yize, liqumbeke phansi emhlabathini.


“Yehla, uhlale othulini, ntombi eyindodakazi yaseBhabhele. Hlala phansi emhlabathini ngaphandle kwesihlalo sobukhosi, ndodakazi yamaKhaledi! Ngokuba awusayukuphinde ubizwe ngothambileyo nontengantengayo.


Izimpunga zendodakazi iZiyoni zihleli phansi emhlabathini, zithule du; zizithele ngothuli emakhanda, zibhince namasaka. Izintombi zaseJerusalema zigebisele amakhanda emhlabathini.


Ngafika ngaseTheli Avivi, kubathunjwa ababehlala ngasemfuleni iKhebhari. Ngahlala phakathi kwabo, ngahlala izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.