futhi zonke izizwe zomhlaba ziyakubusiswa ngezizukulwane zakho, ngokuba ulilalelile izwi lami.’ ”
UJobe 19:25 - IsiZulu 2020 Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami uyaphila, ekupheleni uyakuma othulini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona; ekupheleni uyakuma othulini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngiyazi ukuthi uMsindisi wami uyaphila, nokuthi ekupheleni kwezinsuku uyakuma emhlabeni. |
futhi zonke izizwe zomhlaba ziyakubusiswa ngezizukulwane zakho, ngokuba ulilalelile izwi lami.’ ”
Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”
USimakade uyaphila, malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami.
Amazwi omlomo wami, nezizindlo zenhliziyo yami, makwemukeleke kuwe Simakade; dwala lami nomhlengi wami.
Bakhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo; uNkulunkulu Ophezukonke ungumkhululi wabo.
Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; Mina ngiyokusiza,” kusho uSimakade uMhlengi wakho oNgcwele ka-Israyeli.
Usho kanje uSimakade uMhlengi wenu oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBhabhele, ngiyobehlisa bonke ababalekileyo, namaKhaledi ngemikhumbi, bememeza ngenjabulo.
Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.
Kepha umkhululi wabo unamandla, nguSimakade Wamabandla igama lakhe; uyakuyimela nokuyimela indaba yabo, ukuba aphumuze umhlaba, kodwa bangabi nakuthula abakhileyo eBhabhele.
esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe,
U-Enokhi, owayengowesikhombisa kusukela ku-Adamu, waphrofetha ngalaba, wathi: “Uyabona, iNkosi iyeza nezindimbane zabangcwele bayo,