UJobe 19:23 - IsiZulu 2020 “Sengathi amazwi ami angalotshwa phansi! Sengathi amazwi ami abengaqoshwa emqulwini, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Sengathi amazwi ami angalotshwa! Sengathi angabhalwa encwadini, Contemporary Zulu Bible 2024 O, ingabe amazwi ami asebhaliwe manje! Sengathi zinganyatheliswa encwadini! |
Ngabe ukhona yini ongilaleleyo na? Nantu uphawu lwami, uSomandla makangiphendule. Sengathi ngabe nginencwadi yecala ayilobileyo omelana nami!
Hamba manje, ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukubhale encwadini ukuze kuthi ngesikhathi esizayo kube ngubufakazi baphakade.
USimakade wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu, uthi Mahere Shalali Hashi Bhazi.
“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo wonke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli, nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela ngosuku engakhuluma ngalo kuwe ngezinsuku zokubusa kukaJosiya kuze kube namuhla.