UJobe 19:14 - IsiZulu 2020 Izihlobo zami zingishiyile, nengazana nabo bangikhohliwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izihlobo zami zingishiyile, nengazana nabo bangikhohliwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Umndeni wami uhlulekile, nabangane bami abadumile bangikhohliwe. |
Konke u-Ahithofeli ayeluleka ngakho kulezo zinsuku, kwakungathi kubuzwe kuNkulunkulu, ngakho-ke iseluleko sika-Ahithofeli sasihlonishwa nguDavide, kanjalo no-Absalomu.
Abagogobele endlini yami nezincekukazi zami bangenza umfokazi, sengingowezizwe emehlweni abo.
Abangani bami ebesingamathe nolimi nabo sebeyangenyanya, nalabo engibathandayo sebengifulathele.
Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide.
Sebengikhohliwe ezinhliziyweni zabo, senginjengomuntu ofileyo, nesitsha esephukileyo.
Abangani nezihlobo zami bangihlubukile ngenxa yokuhlupheka engikukho, omakhelwane bami bahambela kude nami.
Umuntu wabangani uzilimaza yena, kodwa umngani weqiniso uyanamathela ukwedlula izelamani.
Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”
Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.
“Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale.
“Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’