Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.
UJobe 18:16 - IsiZulu 2020 Kuyokoma izimpande zaso phansi, phezulu kubune amagatsha aso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izimpande zakhe ziyakoma ngaphansi; phezulu kuyabuna amagatsha akhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Izimpande zawo ziyobuna ngaphansi, futhi igatsha lawo phezulu liyonqunywa. |
Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.
Impande yami iyokwenabela emanzini, kulale amazolo egatsheni lami ubusuku bonke;
Awusoze wahlangana nabo egodini, ngokuba waba yimbangela yencithakalo ezweni lakini; wabulala abantu bakini. Sengathi izizukulwane zezikhohlakali zingebe zisaphathwa naphakade.
Njengamalangabi ekhotha amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika kuwo, impande yabo iyofana nokubola, nembali yabo ibe njengothuli; iyakuthuquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade Wamabandla, baledelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.
U-Efrayimi unqundiwe, impande yabo yomile, abayukuthela sithelo. Noma bangazala, kodwa ngiyakubulala okuyigugu kwesisu sabo.”
“Kodwa Mina ngawabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ayemade njengemisedari, eqine njengemi-okhi, ngaqeda nya ngesithelo sawo kusukela phezulu nangezimpande zawo phansi.
“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.