Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe, uyothi esahlezi enethezekile, kutheleke umphangi.
UJobe 18:11 - IsiZulu 2020 Ingebhe iyasethusa nxazonke, isezithendeni zaso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingebhe iyakumethusa nxazonke; iyamzingela ezinyathelweni zakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukwesabeka kuyomethusa nxazonke futhi kumenze ame ngezinyawo. |
Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe, uyothi esahlezi enethezekile, kutheleke umphangi.
Uwubhoncula uphume ngasemhlane, awubone ubengezela igazi lakhe, maqede akhungathwe yingebhe.
Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.
Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.
Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.
Njalo lapho sedlula siyonibamba. Siyodabula njalo ekuseni, nasemini nasebusuku.” Kuyokwesabeka kakhulu ukuqondwa kombiko.
Kepha ngiboneni na? Bayathuthumela, babuyela emuva. Amaqhawe abo ayakunqotshwa, ayabaleka nokubaleka, awasabheki emuva; kukhona ukwesaba nxazonke,” kusho uSimakade.
Niyothatha, nithwale amathende abo, imihlambi yabo, amakhethini abo, nazo zonke izimpahla zabo, amakameli abo, nimemeze kubo nithi: ‘Kugcwele ukwesabeka nxazonke.’
Ningaphumeli endle, ningahambi emgwaqweni, ngokuba isitha sinenkemba, kugcwele ukwesabeka nxazonke.
Khona lapho inkosi uBhelishazari yesaba kakhulu, kwahwaqabala ubuso bayo, nezinduna zayo zamangala.
“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.
Ngakho-ke njengalokhu sazi ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu, siyabancenga abantu. Kepha thina sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu, sibonakalisiwe.