UJobe 17:16 - IsiZulu 2020 Ngabe liyokwehlela ezinsikeni zendawo yabafileyo, sehle kanyekanye, siyophumula othulini na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Liyakwehlela emigoqweni yendawo yabafileyo, lapho kuyakuba khona ukuphumula othulini kanyekanye.” Contemporary Zulu Bible 2024 Bayakwehlela emigodweni yomgodi, lapho siphumula kanyekanye othulini. |
Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye; bonke abantu bayakumlandela njengokuba bengenakubalwa nababephambi kwakhe.
Njengokuba ifu linyamalala lingabe lisaba bikho, unjalo-ke owehlele endaweni yabafileyo, akasayukukhuphuka.
Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli, bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, siphelelwe yithemba, sibhujisiwe.’
Ngazika ngafinyelela ezisekelweni zezintaba, endaweni yabafileyo. Izinsika zomhlaba zangivalela phakade; kepha Wena, Simakade Nkulunkulu wami, wayophula impilo yami emgodini.
Thina ngokwethu sazibonela ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembele kuNkulunkulu ovusa abafileyo.