UJobe 17:11 - IsiZulu 2020 Izinsuku zami seziphelile, amasu ami asechithiwe, nezifiso zenhliziyo yami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imihla yami isidlulile, amasu ami anqunyiwe kanye nemicabango yami yenhliziyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Izinsuku zami ziphelile, amacebo ami aphukile, yebo, imicabango yenhliziyo yami. |
Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kodwa uSimakade uyaziqondisa izinyathelo.
Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.
Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Ngathi: “Ngangiphakathi nempilo yami ngizongena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphucwe ingxenye yeminyaka yami.”
Cebani icebo, kodwa lizobhuntsha; bophani izwi libe linye, kodwa alinakuphumelela, ngokuba uNkulunkulu unathi.
Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi kukangakanani ngihlela ukuza kini, kodwa ngithiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nesithelo phakathi kwenu njengalokhu nginaso kwezinye izizwe.