UJobe 17:1 - IsiZulu 2020 “Umoya wami wephukile, imihla yami iyaphela, sengibhekene negodi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Umoya wami usuchithekile, imihla yami iyacimeka; okwami sekuyithuna nje. Contemporary Zulu Bible 2024 Umoya wami wonakele, izinsuku zami ziphelile, amathuna alungiselwe mina. |
Umoya wami uyanuka kumkami, sebeyanengwa yimi, ngisho nabantwana esaphuma nabo siswini sinye kumame.
Emveni kwalokho uJobe waphila iminyaka eyi-140, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe, kwaze kwaba yizizukulwane ezine.
Ayini amandla ami ukuba ngingawethemba na? Siyini isiphetho sami ukuba ngingasibekezelela na?
Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.