Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha, wandise intukuthelo yakho kimi, amaviyo ngamaviyo angithelekele.
UJobe 16:8 - IsiZulu 2020 Ungibambile, lokhu kungubufakazi, ukuzaca kwami kumile kungubufakazi phambi kwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungicindezele, kungubufakazi; ukonda kwami kuyangivukela, kufakaze ebusweni bami. Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi ningigcwalisile ngemibimbi, engufakazi ngami, nobuncane bami obukhuphukela kimi bufakaza ebusweni bami. |
Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha, wandise intukuthelo yakho kimi, amaviyo ngamaviyo angithelekele.
Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami, ngisinde ngokulambisa kuphela.
Umzimba wakhe uyancunzeka, uphele emehlweni, amathambo akhe akade engabonakali ahlale obala.
Ngakho iNkosi uSimakade Wamabandla izothumela isifo esincunzayo phakathi kwamabutho akhe akhulupheleyo, iphembe umlilo ngaphansi kwenkazimulo yayo umlilo uvuthe.
Emikhawulweni yomhlaba sizwa amahubo okudumisa, athi: “Udumo malube koLungileyo!” Kodwa mina ngithi: “Maye, kimina, ngokuba ngiyafa, ngiyafa!” Ngokuba abakhohlisi bakhohlisile, abakhohlisi bakhohlisile kakhulu.
ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele, lingabinacala.
Ngahamba nginakho konke, kodwa uSimakade ungibuyise ngize. Pho ningibizelani ngoNawomi, lokhu uSimakade ufakazile wamelana nami, uSomandla wangenzela okubi, na?”