UJobe 16:21 - IsiZulu 2020 ukuze abeke udaba lomuntu kuNkulunkulu, njengomuntu ekhulumela umngani wakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulu nendodana yomuntu kumakhelwane wayo. Contemporary Zulu Bible 2024 O, ukuthi umuntu angamncengela umuntu kuNkulunkulu, njengalokhu umuntu ekhulumela umakhelwane wakhe! |
Ngabe ukhona yini ongilaleleyo na? Nantu uphawu lwami, uSomandla makangiphendule. Sengathi ngabe nginencwadi yecala ayilobileyo omelana nami!
Osekwake kwaba khona sekwaqanjwa igama, kuyaziwa ukuthi umuntu uyokuba yini, nokuthi akakwazi ukuphikisana nalowo onamandla kunaye.
“Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’
Maye, muntu ndini! Ungubani-ke wena ukuba uqagulisane noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kumbumbi ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”