UJobe 16:2 - IsiZulu 2020 “Ngizizwile izinto eziningi ezinjengalezi, nonke ningabaduduzi ababi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngizwile izinto eziningi ezinjengalezi: Ningabaduduzi ababi nonke. |
“Pho ningiduduzelani ngeze, lokhu ezimpendulweni zenu kusele inkohliso yodwa na?”
Ukukhuluma okuqotho kunamandla kangakanani na? Kepha ukusolwa yinina kusiza ngani na?
Okuduma kungadliwa yini ngaphandle kukasawoti na? Kuyahlwabusa yini okumhlophe kweqanda na?
Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.
Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.