Uma uyakuhlupha amadodakazi ami, noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.”
UJobe 16:19 - IsiZulu 2020 Ngisho manje, ufakazi wami usezulwini, ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini, nobufakazi bami buphakeme. |
Uma uyakuhlupha amadodakazi ami, noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.”
Mhlaba, uze ungaligqibi igazi lami, ukukhala kwami makungayitholi indawo yokuphumula.
“Ukubusa nokwesabeka kukuye, nguye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.
Kanti siyini isabelo ebesiyakuvela kuNkulunkulu kweliphezulu, nefa ebeliyakuphuma kuSomandla ekuphakameni na?
Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonzayo ngenhliziyo yami yonke ngokulishumayela ivangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami, ukuthi nginikhumbula njalo
Ngikhuluma iqiniso ngikuKhristu, angiqambi manga, unembeza wami ufakazelana nami kuMoya oNgcwele,
Mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami, ukuthi nganginiphephisa ngokuba ngingaphindi ngize eKhorinte,
UNkulunkulu uYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi manga ngalokho.
UNkulunkulu ungufakazi wami ukuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngenxa yesihe sikaJesu Khristu.
Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.
Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi, futhi asikaze sibe nobuqili bobugovu; uNkulunkulu ungufakazi.
Wayesethi kubo: “USimakade ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”