Usuqalekisiwe emhlabathini lona ovule umlomo wawo wemukela igazi lomnawakho olichithele kuwo ngesandla sakho.
UJobe 16:18 - IsiZulu 2020 Mhlaba, uze ungaligqibi igazi lami, ukukhala kwami makungayitholi indawo yokuphumula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mhlaba, ungathukusi igazi lami; ukukhala kwami makungabi nandawo. Contemporary Zulu Bible 2024 O mhlaba, ungasimbozi igazi lami, nokukhala kwami makungabi nandawo. |
Usuqalekisiwe emhlabathini lona ovule umlomo wawo wemukela igazi lomnawakho olichithele kuwo ngesandla sakho.
Ungabaxoleli izono zabo, necala labo ungalesuli phambi kwakho, ngokuba bakwedelele phambi kwabakhi.”
Ukukhala kwami makufinyelele phambi kwakho, Simakade; ngiqondise ngokwezwi lakho.
Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi.
Bhekani, uSimakade uyaphuma endaweni yakhe ukuba ajezise abakhileyo emhlabeni ngenxa yesiphambeko sabo. Umhlaba uzodalula igazi elichithwe kuwo, ungabe usabafihla ababulawelwe kuwo.
“ ‘ “Ngokuba igazi elilichithile likuwo; lilichithele edwaleni elingenalutho; alilichithelanga emhlabathini ukuba limbozwe wuthuli.