UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wembatha isaka okhalo lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.
UJobe 16:15 - IsiZulu 2020 “Ngithungele indwangu eyisaka esikhumbeni sami; ngabeka amandla ami othulini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami. ngingcolisile uphondo lwami othulini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngathunga indwangu yamasaka esikhumbeni sami, ngangcolisa uphondo lwami othulini. |
UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wembatha isaka okhalo lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.
Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.
isitha sami masiyizingele impilo yami, singifice. Siyidovadove phansi emhlabathini impilo yami, sidicilele phansi othulini isithunzi sami. Sela
Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,
UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade, uSimakade ungiqinisile, manje nginempendulo ezitheni zami, ngiyathokoza, ngokuba ungikhululile.
Abamelana noSimakade bayakuphahlazwa; uyakuduma phezu kwabo esezulwini. USimakade uyakwehlulela amajukujuku omhlaba, aphe inkosi yakhe amandla, ogcotshiweyo wakhe amphakamise.”