UJobe 16:14 - IsiZulu 2020 Ungishaya ephindelela, ungidumela njengeqhawe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi, angidumele njengeqhawe. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyangiphahlaza, agijimele kimi njengomdondoshiya. |
Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.
Bagijima njengamaqhawe, njengamabutho empi ekhuphuka ongangeni. Bayahamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, abaphambuki endleleni yabo.
Wawahlasela ngonya olwesabekayo, wabulala amaningi; wayesehamba wayohlala emfantwini wedwala e-Ethamu.