UJobe 16:12 - IsiZulu 2020 Ngangihlezi kahle, wangiphihliza, ungibambe ngentamo, wangiphahlaza, ungimise ngaba yinkololo yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngangihlezi kahle, wangichoboza; wangibamba ngentamo, wangiphahlaza; wangimisa ngibe yisigcibisholo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngangihlezi ngikhululekile, kodwa wangephula; Naye wangibamba igolo wangiqhaqhazela wangimisa njengomaka. |
UNkulunkulu unginikele kubantu abonakeleyo, ungiphonse esandleni sezikhohlakali.
lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,
Ukubhodla kwengonyama, nomsindo webhubesi, kuyathula, namazinyo amabhongo amabhubesi ayephuka.
Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.
Uma ngona, ngenzani kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yinkololo yakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi na?
Kuthe lapho bekubamba ngesandla, wephuka, waklunyula amahlombe abo; nalapho bencika kuwe, waphoqoka, wazintengantengisa zonke izinkalo zabo.
Owela phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa, kodwa yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”
abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, akubongi mina kuphela kodwa namabandla onke abezizwe.