UZedekiya, indodana kaKhenahara, wasondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: “UMoya kaSimakade wasuka nini kimi ukuba akhulume kuwe na?”
UJobe 16:10 - IsiZulu 2020 Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela, bangishaya esihlathini, bengigcona, bayangihlanganyela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela. Contemporary Zulu Bible 2024 Bangikhamisela imilomo yabo; bangishaya ngehlazo esihlathini; bangibuthanela. |
UZedekiya, indodana kaKhenahara, wasondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: “UMoya kaSimakade wasuka nini kimi ukuba akhulume kuwe na?”
UZedekiya, indodana kaKhenahama, wasondela wamshaya esihlathini uMikhaya, wathi: “UMoya kaSimakade wasuka nini kimi ukuba akhulume kuwe na?”
UNkulunkulu unginikele kubantu abonakeleyo, ungiphonse esandleni sezikhohlakali.
Ngakwesokunene sami, kuvuke uquqaba lwangihlasela, lwangenza ngabaleka; lufuna ukungibhubhisa.
Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.
Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.
Kepha ekukhubekeni kwami, babuthana, bahlekisa ngami; ophumasilwe engingabazi bangithelekela, bangishaya bangayeka.
Bayangihlasela, bangicuthele, baqaphe izinyathelo zami, baqamekele umphefumulo wami.
Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo, balahla umuntu ongenacala ukuba afe.
Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekungcofweni nasekufelweni ngamathe.
Zonke izitha zakho ziyakuhleka, ziyakubhuqa; zikugedlela amazinyo, zithi: “Siligwinyile, impela yilona lolu suku obekukade silulindele, manje silutholile, silubonile.”
Viva ngamabutho ndodakazi, kukhona osivimbezelayo; umehluleli ka-Israyeli bayakumshaya esihlathini.
Esasho lokho, esinye isikhonzi esasimi eduze sammukula uJesu, sathi: “Uphendula umphristi omkhulu kanjalo na?”
“Ngokuba kuwo lo muzi, uHerode, uPhontiyu Pilatu, nabezizwe nabantu bakwa-Israyeli bahlangana bamelana neNceku yakho engcwele, uJesu owamgcobayo,
ngokuba niyakubekezela uma umuntu enenza izigqila, enichutha, enibamba, ezikhukhumeza, nalapho enimukula ebusweni.