U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani.
UJobe 15:19 - IsiZulu 2020 izwe elanikwa zona kuphela, akukho mfokazi owadabula phakathi kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE zona ezaphiwa zodwa izwe, kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi: Contemporary Zulu Bible 2024 Laphiwa bona kuphela umhlaba, njalo kakho owemzini owadabula phakathi kwabo. |
U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani.
Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.
Umuntu oyisikhohlakali ubinyabinyeka ebuhlungwini imihla yonke, ngayo yonke iminyaka isidlova esibekelwe yona.
“Niyakukwazi-ke ukuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu ohlala eZiyoni, intaba yami engcwele. IJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayukudabula futhi kulo.
OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.