Izinsuku zokuphila kwami aziyingcosana yini na? Ake ungiyeke, kengithole ukuthokoza kancane nje,
UJobe 14:6 - IsiZulu 2020 Bheka kude naye, uke umyeke, aze athokoze osukwini lwakhe, njengomqashwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ungambheki, aphumule, ukuze athokoze ngosuku lwakhe njengomqashwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Suka kuye, ukuze aphumule, aze aqede usuku lwakhe njengomqashwa. |
Izinsuku zokuphila kwami aziyingcosana yini na? Ake ungiyeke, kengithole ukuthokoza kancane nje,
“Ngokuba kukhona ithemba emthini: uma unqunywa, uyakubuye uhlume, nehlumela lawo aliyukuphela.
Ngiyakuzonda ukuphila kwami, angiyukuhlala njalo, ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.
Kuyoze kube nini ungawasusi amehlo akho kimi na? Ngiyeke ngize ngigwinye isikhwehlela sami.
Yeka ukungigqolozela, ukuze ngibuye ngimamatheke, ngaphambi kokuba ngemuke, ngingabe ngisaba khona.”
Manje uthi: “Eminyakeni emithathu, njengeminyaka yomqashwa, udumo lukaMowabi luzobukelwa phansi, ngisho noma enesixuku esikhulu; insali iyokuba yingcosana, futhi ingabi namandla.”