Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Lokho okushoyo akusilona iqiniso; nguwena nje ozakhele lezo zinto.”
UJobe 13:4 - IsiZulu 2020 Kepha nina ningababheci ngamanga, nonke niyizinyanga ezingathi shu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ningabaqambimanga; niyizinyanga ezingelutho nonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha nina ningamanga, ningodokotela abayize nonke; |
Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Lokho okushoyo akusilona iqiniso; nguwena nje ozakhele lezo zinto.”
Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho.
Bheka, ngimelene nabaphrofethi abaphupha amanga,” kusho uSimakade, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangobudedengu babo. Mina-ke angibathumanga, angibayalanga, futhi ababasizanga ngalutho laba bantu,” kusho uSimakade.
Akekho omela udaba lwakho, akukho muthi wokukwelapha; akukho ukuphulukiswa kuwe.
“Khuphukela kwaGileyadi, ubuthe ibhalisamu, wena ntombi, ndodakazi yaseGibhithe, uyisebenzisela ize imithi eminingi, ngeke waphulukiswa.
Belaphile ukuphoqoka kwabantu bami ngokuyekethisa, bethi: ‘Ukuthula, ukuthula,’ kepha kungekho ukuthula.
Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?
Ezibuthakathaka aniziqinisi, egulayo aniyelaphi, elahlekileyo aniyicingi, kodwa niziphatha ngendlakadla.
“Kwathi lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe noJuda ebona isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi, kodwa nayo ayiyukukwazi ukuniphulukisa, iyakwehluleka ukwelapha isilonda senu.
UJesu esekuzwile lokho, wathi kuzo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa idingwa ngabagulayo kuphela. Mina angizelanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.”
Wayehluphekile kakhulu, ehla enyuka ezinyangeni eziningi, futhi esechithe konke ayenakho, kodwa kunhlanga zimuka nomoya; kubhebhetheka okwakumphethe.