UJobe 13:25 - IsiZulu 2020 Uzokwethusa iqabunga eliphephukayo, uxoshe inkunkuma eyomileyo na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakwethusa iqabunga eliphephethwayo, uxoshe amabibi awomileyo, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakulihlephula yini iqabunga elipheshulwa ngapha nangapha? wena uxoshe izinhlanga ezomileyo na? |
Ningihluphelani njengalokhu noNkulunkulu enza na? Anisuthi yini yinyama yami na?
Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi, kodwa uyakuzijezisa, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba epheshulwa ngumoya ezintabeni, nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.
“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.
Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqayo akayukuwucima, aze aphumelelise ubulungiswa, bunqobe.
“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani? Ukuhubha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.