noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?
UJobe 13:15 - IsiZulu 2020 Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Noma engibulala, ngiyothembela kuye; kepha mina ngiyakumisa izindlela zami phambi kwakhe. |
noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?
Bhekani-ke, sengizilungiselele ukwethula udaba lwami, futhi ngiyazi ukuthi icala lizongithetha.
Makube kude nami ukuba nginivumele ukuthi nilungile, angiyukusuka ebuqothweni bami, ngize ngife.
“Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”
Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na?
Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.
Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.