Wena ozidwengulayo ngenxa yolaka lwakho, umhlaba uyoshiywa yini ngenxa yakho, nedwala lisuswe endaweni yalo emhlabeni na?
UJobe 13:14 - IsiZulu 2020 Yingani ngibeka ukuphila kwami engcupheni, ngibeka impilo yami ezandleni zami na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami, ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngithathelani inyama yami ngamazinyo ami, nginikele ukuphila kwami esandleni sami, na? |
Wena ozidwengulayo ngenxa yolaka lwakho, umhlaba uyoshiywa yini ngenxa yakho, nedwala lisuswe endaweni yalo emhlabeni na?
Ngiyakubadlisa abakucindezelayo, inyama yabo, badakwe yigazi labo kube ngathi bekuyiwayini elimnandi; abantu bonke bayokwazi ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho, uMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”
Badla okungakwesokunene, basala belambile, badla okungakwesokhohlo, kabaze beneliswa; yilowo nalowo wadla inyama yengalo yakhe,
Lapho ngibona ukuthi aningihlenganga, ngabeka impilo yami engcupheni, ngawela ngayolwa nabakwa-Amoni, uSimakade wabanikela esandleni sami. Yini-ke enenze manje nikhuphukele kimi namuhla, ukuzokulwa nami, na?”
Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”
Owesifazane waya kuSawule, wambona ukuthi wesaba kakhulu, wayesethi kuye: “Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile impilo yami engcupheni; ngawalalela amazwi akho owakhulume kimi.