UJobe 13:11 - IsiZulu 2020 Ubukhosi bakhe abuyukunethusa yini, nokwesabisa kwakhe kwehlele kini na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubukhulu bakhe abuyikunethusa, nengebhe ngaye inehlele, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuphakama kwakhe akuyikunethusa na? futhi ukukhathazeka kwakhe kuwela phezu kwakho? |
Ngokuba ngiyayesaba inhlekelele eyehliswa nguNkulunkulu; anginakwenza lutho ngenxa yobukhulu bakhe.
Behlelwe yingebhe novalo, ngobukhulu bamandla engalo yakho, bathulisa okwetshe, kwaze kwedlula abantu bakho Simakade, kwaze kwedlula abantu bakho ozithengele bona.
USimakade Wamabandla, mungcweliseni, nimesabe, kube nguye kuphela eninovalo ngaye.
Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.
Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.
Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.