Labo abahleli kahle bayibukela phansi ingozi, ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo.
UJobe 12:6 - IsiZulu 2020 Amathende abaphangi anokuthula, abachukuluza uNkulunkulu balondekile, labo abaletha onkulunkulu babo ngezandla zabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amatende abacindezelayo anokuthula; abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka, abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Amathende abaphangi ayaphumelela, labo abaklolodela uNkulunkulu bavikelekile; okugcwele esandleni sabo uNkulunkulu. |
Labo abahleli kahle bayibukela phansi ingozi, ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo.
Umhlaba unikelwe esandleni sezikhohlakali, uyabumboza ubuso babehluleli bawo, uma kungesiye, pho ngubani na?
nakubantu, ngesandla sakho, Simakade, abantu abasabelo sabo kulo mhlaba sikulokhu kuphila, nabazisu zabo uzigcwalisa ngalokho obabekele khona, nabashiyela izingane zabo okuningi okusele kubo.
Ngisho izikhohlakali zingahluma njengotshani, nabo bonke abenza okubi baqhakaze, bayobhubha ingunaphakade.
Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?
Njengendlwana yezinyoni igcwele izinyoni, kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso; bakhulu, banothile.
Bakhuluphele, bayacwebezela, yebo, ububi babo abunamkhawulo, abehluleli ngokulunga, abazimeli izintandane ukuba nazo ziphumelele, abawalweli amalungelo abampofu.
Sidlula njengesiphepho, sidlulele phambili, kodwa sona sinecala, amandla aso angunkulunkulu waso.