akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.
UJobe 12:13 - IsiZulu 2020 “Ukuhlakanipha namandla kukuye, amasu nokuqonda kungokwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda. Contemporary Zulu Bible 2024 Kuye kukhona ukuhlakanipha namandla, uneseluleko nokuqondisisa. |
akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.
Amandla nokuhlakanipha okungqokolo kungokwakhe, oduka endleleni nalowo omdukisayo bangabakhe.
“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kodwa akukho muntu ambukela phansi, mkhulu emandleni okuqonda.
Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?
Naye uhlakaniphile, uletha inhlekelele, kalibuyiseli emuva izwi lakhe, kodwa uyomelana nendlu yababi, nosizo lwabenza okubi.
owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,
Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.
UDaniyeli wathatha, wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu, kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;
ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.
Ngokuba: “Ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”
Kepha kulabo ababiziweyo, abaJuda namaGriki sishumayela uKhristu, ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.
kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,
Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.